(Emva kokuba uMzwakhe esabuyela kubo eSikhawini, uNomonde uya eSikhawini kubo kaMzwakhe.)
NOMONDE: (Ekhuluma yedwa.) Konje uMzwakhe wathini? Hho, sengiyamkhumbula manje. Wathi uma uya kubo uphuma eKing Shaka International Airport uthathe umgwaqo onguthelawayeka uN2 odlula oThongathi naKwaDukuza. Uqhubeke njalo uze wedlule eMandeni Toll Plaza. Uma usudlule eMthunzini uthatha umqwaqo okuholela elokishini laseSikhawini lapho ehlala khona.
(Esafunafuna inombolo yakubo kaMzwakhe abone insizwa angacela kuyona ukuba imlayele.)
NOMONDE: (Emisa imoto.) Uxolo bhuti. Ngicela ukuba ungisize ungilayele kubo kaMzwakhe Mbatha. Uyamazi yena lo muntu engikubuza yena?
SIPHO: Uma usho lo Mzwakhe engike ngezwa kuthiwa usesebenza eKapa, ngimazi kahle kakhulu sisi wami. Bengifunda naye kusukela ku Grade 8 kuya ku Grade 12. Ngazi ngisho nakubo imbala. Ngingakuthatha ngize ngiyokufaka emagcekeni akhona.
NOMONDE: Ngicela ukuba ugibele bhuti ukuze ungikhombise kubo.
SIPHO: (Evula umnyango, aphinde awuvale.) Ayikho inkinga sisi.
(Ihambe imoto ize ifike kubo kaMzwakhe.)
Sekuyikhona-ke lapha sisi. Ungapaka ngaphambi kwaleli sango.
NOMONDE: Ngiyabonga kakhulu bhuti wami. Ngicela ungiphelezele ngoba sengathi nalapha ekhaya akunamuntu nje. (Bangqongqoze, do impendulo.)
SIPHO: Sisi wami, kuyacaca ukuthi kukhala ibhungane kulo muzi. Asihambe, uzobuye ubuye ngoba usuyayazi indlela.
NOMONDE: Kulungile, singahamba. Ngizokubeka lapho oya khona ngoba ngikubambezele endleleni yakho. Uxole bhuti, angizange ngisazazisa kuwena. Mina nginguNomonde.
SIPHO: Ngiyabonga ukukwazi Nomonde. Mina nginguSipho. Ngicela uthi ukwehlisa ijubane kancane. Le ntombazane ehambela ngaphesheya komgwaqo ibukeka sengathi uThandi udadewabo kaMzwakhe. Ake ngibhekisise. Nguyena ngempela, ngicela umise imoto. Nguyena ongasazisa ukuthi uMzwakhe ukuphi.
NOMONDE: (Emisa imoto.) Ngicela umbize bandla.
SIPHO: (Ememeza.) WeThandi, ngicela ukuba uze ngapha. Kukhona usisi ofuna ukukhuluma nawe.
THANDI: Nginethemba lokuthi awuzukungibambezela ngombhedo njalo wena Sipho.
SIPHO: Ngiqinisile, yilo sisi ofuna …
NOMONDE: (Emngena emlonyeni.) Uqinisile uSipho, yimina engifuna ukukhuluma nawe.
THANDI: Ngingakusiza ngani-ke sisi wami?
NOMONDE: Sengilizwile igama lakho. Mina nginguNomonde. Ngiphuma eKapa, ngize lapha ukuzobheka uMzwakhe. Sesibuya nakini, kodwa asitholanga muntu.
THANDI: Ngicabanga ukuthi uMzwakhe ukwagogo kaZama. USipho uyazi lapho engisho khona angakusiza akulayele. Ngabe ngihamba nani, ukuthi mina kukhona lapho engiphuthuma khona.
NOMONDE: Kulungile sisi wami, ngizocela yena uSipho ukuba angikhombise indlela. Ngibonga kakhulu usizo lwakho. (Avalelise uThandi, aqhubeke nohambolwakhe. USipho ahambe noNomonde eyomkhombisa kwagogo kaZama. Sebefikile, angene uNomonde, uSipho asale emotweni. Angqongqoze uNomonde.)
ZAMA: (Evula emnyango.) Ngena sisi.
NOMONDE: Sanibonani. Mina nginguNomonde. Ngiphuma eKapa. Ngihamba ngifuna uMzwakhe Mbatha. Sengibuya nakubo angangathola muntu.
Ngenhlanhla sihlangane nodadewabo uThandi ositshele ukuthi kungenzeka ukuba uMzwakhe ulapha ekhaya.
ZAMA: Yebo, uMzwakhe isikhathi esiningi usichitha lapha ekhaya. Ukuthi nje okwamanje usaye ngasedolobheni.
NOMONDE: Usisi ngabe uyazi ukuthi uzobuya nini?
ZAMA: Angeke ngazi-ke isikhathi ngoba uzodlula ezindaweni eziningi, futhi acoshacoshe nezinto ezidingwa umntwana wakhe.
NOMONDE: (Eseswacile, aphahluke.) Yehheni webantu! UMzwakhe unomntwana?
ZAMA: (Ecasuka.) Kanti wena uyini noMzwakhe?
NOMONDE: Uma ufuna ukwazi ngizokutshela. UMzwakhe yisoka lami.
ZAMA: Kanti uzokweyisa lapha mjendevu ndini! Ake ungilinde kancane nje yikhona ngizokufundisa abantu.
(UZama aphuthume ekamelweni. UNomonde yena aphume ngesamagundane esegaklaza nomnyango.)