8 - Isigcawu sesishiyagalombili
Published online by Cambridge University Press: 11 November 2021
Summary
(Kusekhaya kubo kaZama, uZama ulalele umculo emsakazweni. Naye uculela phezulu.)
MAMPANZA: (Ememeza ekwelinye lamakamelo.) WeZama, Zama! (Esekhuluma yedwa.) Kanti ikuphi le ngane bakithi? Izingane ngokuthanda ukubanga umsindo! Ungazi nje ukuthi umsakazo awuzwakali yini uma ukhalela phansi. (Aphinde amemeze.) Zama, Zama!
ZAMA: (Usabela ebuqamama.) Ma!
MAMPANZA: Sengizoze ngishe izwi ngimemezana nawe. Ake uze ngapha mntanami.
ZAMA: Ngiyeza mama.
(Ufika emangele, efisa ukwazi ukuthi ngabe unina uza naziphi namhlanje.)
MAMPANZA: Mntanami, yini indaba uthande ukona umoya wami ngalolu hlobo?
ZAMA: Kwenzenjani mama? Waqala ngokuthetha kungonakele lutho.
MAMPANZA: Ungasho kanjani ukuthi akonakele lutho? Angithi wena Zama uphansi phezulu nabantu abenza izinto ezingasile emphakathini.
ZAMA: Angazi ukuthi ukhuluma ngani mama.
MAMPANZA: Abazaziyo bangitshele ukuthi uhlale ubonakala uhamba nomfana othize. Uyamazi lo mfana engikhuluma ngaye. Utetemuka naye, ningazi nokuthi lidumephi.
(UZama uqala angaphumi nazwi, ucabangisisa ukuthi unina ukhuluma ngamuphi umfana. Emva kwesikhashana akhumbule, bese eyaphendula.)
ZAMA: Sengiyabona ukuthi ukhuluma ngamuphi umfana. Usho uThemba wakwaCele.
MAMPANZA: Nguye kanye lo mfana engimshoyo, yigama lakhe nje kuphela engingalazi.
ZAMA: Ngabe ikhona inkinga uma ngihamba naye mama? Ungumfana wendawo esikhule naye, futhi sifunda naye.
MAMPANZA: (Esho ngokucasuka.) Mina Zama bengazi ukuthi ungumntwana ofunda isikole. Bengingazi ukuthi usuyintombi esiqome kwaCele.
ZAMA: (Ebona ukuthi umfula usudla izindwani, uphendula ngokuzithoba.) Uma ngingakhuluma iqiniso elimsulwa mama wami omuhle, mina angomqomile uThemba.
MAMPANZA: Ungangenzi ingane wena Zama. Ngimdala kabi uma ngingaka. Pho kwenziwa yini ukuthi ubonakale ucothoza naye uma ningaqomene?
ZAMA: UThemba uyangeshela mama. Mina-ke ngisuke ngizama ukumchazela ukuthi zizathu zini ezenza ukuba ngingamqomi.
MAMPANZA: Asithembe ukuthi awuqambi amanga. Uma kunjalo, uyobe uzidonsela amanzi ngomsele. Umqondo wakho awukabibikho ezingeni lokumelana nezikhukhula zothando.
ZAMA: (Ezincengela.) Hawu bandla mama! Ngikhuluma iqiniso elingaxutshwe nalutho.
MAMPANZA: Uyazi yini ukuthi uCele, uyise walo mfana, ungumthakathi?
ZAMA: Bengingakwazi lokho mama. Mina ebengikwazi ukuthi uyise uyinyanga.
MAMPANZA: Wazi lokho kuphela? Kunabantu esihamba phezu kwabo ngenxa kababa kaThemba.
ZAMA: Kwakubi-ke ukuzwa lokho mama.
MAMPANZA: Ukuba benginguwena, uThemba ndini lo bengizomhlehlela kancane kancane aze agcine esebonile ukuthi mina naye singamanzi nopharafini.
ZAMA: Kulungile mama, ngiyezwa. Ngizokwenza njengoba usho.
MAMPANZA: Ngiyakunxusa ngane yami ukuthi uhlukane naye ngoba akusile ukuzimbandakanya nengane yomthakathi. Ungagcina nawe usungumkhunkuli.
ZAMA: Ngizozama ukwenza njengoba usho mama.
MAMPANZA: Akobe uyezwa njengokuvuma kwakho. Ake ungenzele inkomishana yetiye.
(UZama aqonde ekhishini eseyokwenzala unina itiye.)
- Type
- Chapter
- Information
- Iqonde Kuphi le Ndlela? , pp. 33 - 36Publisher: University of South AfricaPrint publication year: 2012