2 - Isigcawu sesibili
Published online by Cambridge University Press: 11 November 2021
Summary
(UMzwakhe noNomonde sebebuya ukuyongcebeleka.)
MZWAKHE: (Ebabaza.) Nomonde, yaze yayinhle le ndawo ebesiyivakashele bo! Sengathi yizulu elincane.
NOMONDE: Uyichaza kahle uma uthi iyizulu elincane.
MZWAKHE: Cha, nami mhla ngathola ithuba ngizophindela kuyona ngelinye ilanga. Ayiyinhle iqedile!
NOMONDE: Ukudla kona?
MZWAKHE: Phela ayisaphathwa-ke leyo.
NOMONDE: (Eguqula ingxoxo.) Mzwakhe bandla, ngicela ukuba sidlule efulethini lami sithi ukushaya izingilazi ezimbili noma ezintathu zewayini.
MZWAKHE: Alukho olubi kulokho.
(Emva kwesikhashana befikile efulethini, uNomonde acele ukuyogeza. UMzwakhe asale yedwa endlini yokuphumula.)
NOMONDE: (Ekhuluma yedwa ezibukabuka.) Sengiqedile ukugeza manje. Ake ngithi ukuziphophotha ngamakha ami engibulala ngawo izizwe. Awuzwa-ke! Manje sengizogqoka inighty yami ekuveza konke obala kuhle kwezibunu zeselesele. Ayigcini ngokuba yisee through, iphinde ibe yisigqebhezane. (Abuyele kuMzwakhe esekweqezisa amehlo.) Uyazi Mzwakhe, nginenkinga.
MZWAKHE: Kwenzenjani, ngabe kukhona lapho engingenzanga kahle khona?
NOMONDE: Cha, inkinga yimina. Kudlekile, ngibona sengathi ngeke ngisakwazi ukushayela ngikuse efulethini lakho. Nabakwasidlodlo babhilitile ngalezi zikhathi. Kunganjani uma ungasale usulala lapha? Ngingakuhambisa ekuseni uma utshwala sebudamukile egazini.
MZWAKHE: (Emangele, ebona nendlela agqoke ngayo ezokulala.) Bengingazi ukuthi kuzogcina sekunje! Pho mina ngizolala kuphi?
NOMONDE: Khululeka, yize kunekamelo elilodwa lokulala ngeke ngize ngikulalise esofeni noma phansi. Uzolala unethezeke kuwona lo mbhede engilala kuwona.
MZWAKHE: Sizolala kanjani embhedeni …
NOMONDE: (Emphazamisa, futhi ekhuluma emphulula izihlathi.) Ngithe ngicela ukhululeke. Wena uzolala ubheke le, nami ngizofulathela ngibheke ngakolunye uhlangothi.
MZWAKHE: Kodwa wena Nomonde …
NOMONDE: (Esaqhubeka nokumbambabamba.) Come on baby, don't be shy.
(Bagcine belele ndawonye kwaze kwasa.)
- Type
- Chapter
- Information
- Iqonde Kuphi le Ndlela? , pp. 89 - 92Publisher: University of South AfricaPrint publication year: 2012