9 - Isigcawu sesishiyagalolunye
Published online by Cambridge University Press: 11 November 2021
Summary
(UMzwakhe ukhuluma noKK kumakhalekhukhwini, umtshela ukuthi uzoya kosebenza eKapa.)
KK: (Ephendula ucingo.) Kunjani Mzwakhe? Iqhubeka kanjani impilo lapho?
MZWAKHE: Yonke into iqondile. Inkinga ukuthi isimo sezimali siyabheda. Selokhu wahamba umuntu ukhala engashayiwe. Ucabanga ukuthi uzobuya nini?
KK: Nami angazi ukuthi ngizobuya nini, kodwa kumele okungenani kuphele izinyanga ezine ngaphambi kokuba ngicabange ukubuya. Ngisafuna ukushayisa uSayitsheni Zondi nala maphoyisa akhe ngomoya bake bathi ukukhohlwa ukuthi uKK usaphila.
MZWAKHE: Okusho ukuthi sonke lesi sikhathi ngizobulawa indlala?
KK: Isimo sizoshintsha uma sengibuyile. Uyazi nawe ngihlale ngiyithola imithombo yokwenza imali. Akukho lapho ongaqhukuluza khona okwamanje? Futhi wena ufundile awufani nalaba abanye osebenza nabo.
MZWAKHE: Empeleni ngifuna ukukhuluma nawe ngalo lolu daba. Kunobhuti wangasekhaya ongitholele umsebenzi wesikhashana eKapa. Ngizohlala khona izinyanga eziyisithupha kuphela.
KK: Angiyiboni inkinga lapho. Inqobo nje uma ungeke uwulahle umsebenzi okufakela imali esile. Bangaki nje abantu abaqashwe yizinkampani ezahlukene abanemali eningi njengami? Ukufunda abaqhosha ngakho akubasizi ngalutho ngaphandle kokuba nezikweletu ezixaka usathane.
MZWAKHE: Ngiyezwa bra KK. Ngiyabonga ngokungivumela kwakho ukuba kengithi ukubamba itoho. Empeleni wena bra KK nami angiyizwisisi kahle le nto yokungena ngo-8 ekuseni uze ushayise ngo-4 ntambama. Ngimane ngiyawuthatha nje lo msebenzi ngoba ngenzela bona oZama laba ukuba bacabange ukuthi nami nginesifiso sokuba yindoda kathayi nebriefcase.
(Bahleke bobabili bese beyavalelisana.)
- Type
- Chapter
- Information
- Iqonde Kuphi le Ndlela? , pp. 83 - 84Publisher: University of South AfricaPrint publication year: 2012