(Ekuseni kwaKK, uKK uxoxa noSpider.)
KK: (Eseseduze nekamelo okusetshenzelwa kulo, ukhuluma yedwa.) Kwenzenjani namhlanje? Angizwa budledledle bomshini. Uthi uzile emsebenzini uSpider namhlanje? (Angene, abone uSpider.) Hheyi ndoda! Kwenzenjani, akusetshenzwa yini namhlanje? Waphola nje?
SPIDER: (Edangele.) Hheyi kunzima! Ibhemile.
KK: Ubunzima bakho mfana wami ubobushiya ngaphandle kwesango. Ungene lapha sewazi ukuthi uzokwenzani.
SPIDER: Ngebhadi buhlangene nomsebenzi wami.
(USpider amazise konke mayelana noMartha.)
(Abuze.) Uzoya-ke ukuyombona?
KK: Kulungile, ngizohamba ngiyombona. Okwamanje wena kuzomele uthathe lo mshini uwuhambise komunye umngani wami ohlala eMadadeni. (Abhale ephepheni.) Nali ikheli lakhe. Ngizomthinta ngocingo khona uzofika esekulindele.
SPIDER: Ngizokwenza njalo.
KK: Angimthembi lo Martha wakho. Angathi uma ebona ukuthi asizwani ngenkulumo bese engithumelela ngezikadalawane. Okuhle nje ukuthi akunamali yomgunyathi elapha njengamanje. Yonke ibisithunyelwe emakhasimendeni.
(UKK ukhuluma noMartha ngokuthi uMartha ufuna imvalamlomo kuyena.)
KK: Sengifikile-ke Martha. Ubufuna ukuthini?
MARTHA: Ngiyethemba ukuthi uSpider uzamile ukukuchazela ukuthi ngikubizeleni.
KK: Ungitshelile, kodwa ngifuna ukuzwa ngalo owakho umlomo ukuthi empeleni ufunani kimina ngoba bengithi asijwayelene nakancane nje. Angilona lolu hlobo lomuntu oluphuza ezindaweni ezingasile njengalena engizithola ngikuyona njengamanje.
MARTHA: (Ebhuqa ngokucikeka.) Unenhlanhla-ke namhlanje njengoba ulapha, usuzokwazi ukuthi abanye abantu baphila kanjani emahhokweni ezinkukhu.
KK: (Emsabisa.) Yekela ukulokhu ungicefezela wena lesi sidwedwe sokukorobha! Uyazi nje ukuthi ukhuluma nobani? Kungathi liqambe lishona elanamhlanje kube kukhihlwa isililo kulo muzi wakho. Ngaleso sikhathi uyobe uthule du emakhazeni.
MARTHA: Nayi indoda ingigilela imikhuba bo! Hheyi wemlisa ndini! Uhlale ukwenza kukulungela. Mina angeke ungithuse ngenyoka efile.
KK: (Ebhuqa futhi ecasukile.) Ukhuluma kahle impela. Mina-ke angihlangani nezinyoka ezifile. Uma isimo singibhedela ngivele ngilime ngegeja kukhale ubukhakhakha. Demedi, musa ukungichithela isikhathi. Ngitshele mani, ungibizeleni wena?
MARTHA: Mntanabantu, angikusize masinyane ungaze uphathwe yisifo senhliziyo. Kafushane nje, abakwasidlodlo bangajabula kabi uma bengase bezwe ukuthi wena uvule ibhange elingabhalisiwe ngokusemthethweni. Lokho kungenza ukuthi uboshwe izandla nezinyawo, ubhadle ejele iminyaka ngeminyaka.
KK: (Ebona ukuthi ayingangaye, ehlise umoya.) Ufuna ukuba ngenzeni ukuze lolu daba lungafinyeleli emaphoyiseni?
MARTHA: Uyabona, usukhulumisa okwendonda-ke manje. (Emjikela.) Angazi ukuthi ubuthi uzama ukwenzani nje ngempela! Ngiye ngizwe kuthiwa ukhaliphise okukajakalasi. Nami ngiyazibonela namhlanje ngoba uyakwazi ukubona uma usubambeke lapho omncane ngakhona.
KK: Ubungakasho ukuthi ufuna ukuba ngikwenzeleni.
MARTHA: Lalela-ke, ngifuna ukuba ungifakele okungenani izinkulungwane ezingamashumi amahlanu amarandi ebhange njalo ngenyanga. Imali ngoba eyomgunyathi nguwena ozohlela ukuyishintsha ibe ngeyangempela ngaphambi kokuba uyifake ku-akhawunti yami.
KK: Sizokwenzenjani ngamafilimu kanye nezithombe lezo ezathathwa nguNomadayimane?
MARTHA: Ake ukhohlwe ngalezo zinto okwamanje. Masigxile kulokhu kubambisana esikusungulayo. Imali awuzukuyifaka ebhange elilodwa kanyekanye, ngizokunikeza ama-akhawunti amabhange amathathu ahlukene. Angifuni ukuthi ngisolakale ukuthi ngiyithathaphi imali eningi kangako esengiyifaka njalo ngenyanga.
KK: (Embheka ngokungakholwa.) Sengiyabona manje ukuthi uhlakaniphile. Ngingaqala nini ukufaka le mali? Kodwa indaba yokuthi amafilimu nezithombe kuzosala ngakuwena angiyinambithisisi kahle.
MARTHA: Uma kwenzeka kuze kufike usuku lwesithathu ekuqaleni kwenyanga ngingakawatholi amaSMS okuthi imali ingenile kulama akhawunti, usoyovele ulindele ukungqongqozelwa ngamaphoyisa.
(Ahambe esevumile uKK ukuthi uzoyifaka imali kuma-akhawunti kaMartha.)