11 - Isigcawu seshumi nanye
Published online by Cambridge University Press: 11 November 2021
Summary
(UZondi uxoxa nomphathisiteshi uDlamini.)
DLAMINI: Nondaba! Ake ngizwe ukuthi ufuna ukuthini.
ZONDI: Mphathi wami, ngikuphathele izindaba ezimnandi. Lona owayethumele izithombe ezikhombisa uKK noSpider benza imalimbumbulu ubefikile. Uthi uzimisele ukuba ufakazi.
DLAMINI: Yizindaba ezimnandi lezo Nondaba. Bonke lobu bufakazi buzothunyelwa kumaHawks. Ngicabanga ukuthi ofakazi laba kumele bafakwe ngaphansi kohlelo lokuvikeleka kofakazi.
ZONDI: Kungaba yinto enhle kakhulu leyo. Uma nje uKK engezwa ukuthi kukhona abangakwazi ukumcindezela ecaleni, kuyobe sekuphelile ngoPhiri nangoMartha.
DLAMINI: Uyabona-ke ubufakazi esibunikezwa yibona kumele buphelele lapha kithina sobabili. Ungatsheli ngisho uXulu benoXimba. UKK lona ubehlala esehlula nje ngoba ezikhathini eziningi ubesuke esazi ukuthi sizomhlasela. UMzwakhe yena ugcine kuphi naye?
ZONDI: Lokho ngivele ngakukhohlisa. Kuseyingane enuka ubisi. Kwahamba lapha kujabule, kucabanga ukuthi kuphunyukile. Uyabona, benoKK abazi ukuthi amaHawks asezithendeni zabo manje.
(Bahlukane, uZondi abuyele ehhovisi lakhe.)
- Type
- Chapter
- Information
- Iqonde Kuphi le Ndlela? , pp. 163 - 164Publisher: University of South AfricaPrint publication year: 2012