Summary
Isigcawu 1
(lmpi ingene seyilele inkosi; ibutho lingene emadlangaleni alo lilale, abantwana nabo bayengemi godi yabo. Kuthi engakazumeki uDingane ezwe)
UMkabayi: Dingane! Dingane! Dingane! (ehleba)
UGqayipyanga: Zibike khona-manje.
UMkabayi: OkaJama.
UGqayinyanga: Nxephepha wena weSilo.
UMkabayi: Dingane! Dingane! (esefudumele)
UDingane: Ubani lowo?
UMkabayi: Vuka uvule! Ubani? Kogonywa amakhosi yini lapha?
UDingane: Ngena Jama, bengingezwa ngenxa yobuthongo.
UMkabayi: Dingane!
UDingane: Jama!
UMkabayi: Ulele obunjani ubuthongo lobu obungaqedwa nawuvalo lokufa? Yini engakuswabulukisa Dingane? Akubona ubuthongo lobu, ukufa kwempela. Awuzizwa usuqoshanyisiwe? Awusizwa nesikhumba senkomo sikubandisa ngegazi? Limnandi lelithuna okulo. Mhlawumbe awulizwa ukhohliswa yilababantu onabo ucabanga ukuthi usaphila; usufile, Dingane, awulele.
UDingane: Kwenzenjani Jama?
UMkabayi; Uthi kwenzenjani? Ubungathunyiwe yini ukuyoshaya izinkomo zenkosi ezizosikwa amahawu, wathi ngokuzibona ubuhle wacabanga ngesakho isisu, ngawakho amehlo nangolwakho udumo, wazigodla waqoma ukuyolala ezintabeni lapho uthe uyabaleka wazithela ezincelebaneni zenkosi?
UDingane: Angizwa Jama?
UMkabayi: Awuzwa ngakhona Dingane, le michilo ekubophe izandla nezinyawo yakubophela ezimpundwini, ikubophele ukuba ungakwazi ukuzibalekela lezizinkomo ezikukhandayo. Hawu, zakunyathela mntanomfowethu, wafa kabuhlungu, aphuma amehlo, kwachitheka ubuchopho, kwajobuleka amathumbu, wayinhlama hawu, kwaphela okwakho. Ngeke sikungcwabe nakukungcwaba ngoba usufana nomquba. (ethuke uDingane) Uyethuka?
UDingane: Angikezwa Baba.
UMkabayi: Nanti iklwa likugwaza!
UDingane: We!
UMkabayi: Uyakhala mfazindini? Ukuba ubuwazi ukuthi ingozi ocaca kuyo ingakanani, ubungelale kangaka. Akukho lutho olukuthintayo? Impela ukufa ubuthongo; mhlawumbe uma ubhekile uzikhohlisa ngokuthi uphephile, ubona abantu bekukhohlisa bethi ‘Mntwana’. Abaphansi bakubhekile, kodwa uma ungenzi mzamo wokuzisindisa, nabo bayohlanza ngedela. Lala ke Dingane ucabange ukuthi ukuphila kufana nokugwiya.
UDingane: Ngibulawa ngubani?
UMkabayi: Uvelaphi ukhathele njena?
UDingane: Ngeke angibulale owakwethu.
UMkabayi: Usendo lwake lwasendana Dingane? Awuve uyisiwula. Ubenganithumela empini namaxhegu uma ubefisa niphile?
UDingane: Ukusuka nokuhlala kwethu kusingethwe oweZulu.
UMkabayi: Anikushayi mkhuba ukufa Dingane? Ngake ngazibona iziduli ezifana nani? Ngisho nezinkomo Dingane, ziyakuzwa ukufa uma kuza, ziphenduke izinhlanya, zihlahle amehlo, zibe midlwembe. Nina?
UDingane: Njengoba usho nje Baba, ingozi esengeme sengiyayibona; besisambona ubuntu oweZulu efa lapha sifa khona.
UMkabayi: Ubuntu! ubuntu! Lapho lungekho uthando nozwela, lapho umuntu ebeka ubuyena phambili, buwukufa; yena uShaka uthi uhlakaniphile ngaphezu kobabamkhulu, kobaba, kukaDingane. Angaze azishaye uMvelinqangi afune ukuthuba awakhe odwa amathe, ngani?
UDingane: Elakho elami Jama.
UMkabayi: Libunjwa liseva Dingane, uma undonda ukusuka uyofa uyisiphunzi njengomuthi onqunyiwe.
UDingane: Ngigalele entandweni yesizwe sonke ngingasithunuki! Ngizimbele ithuna elimnyama, iliba elingeke likhothwe amadlozi?
UMkabayi: Uthando Dingane aluboni; uma ususa isithandwa kungene wena esikhundleni saso, aluhlehli alunciphi. Akusoka lingenasici; kangakanani-ke uma ukhulule abantu ovalweni lokufa, ususe ifu elimnyama elibengeme?
UDingane: Hi!
- Type
- Chapter
- Information
- Ukufa kukaShaka , pp. 23 - 32Publisher: Wits University PressPrint publication year: 2021