Summary
Isigcawu 1
(lnkosi ibithumele izwi ukuthi uDingane noMhlangana noJeqe noMbopha beze kuyo.)
UShaka: Niphelele nje?
UMbopha: Ngeke Silo, owesilo omncane akaka fiki. Nangu engena Nkosi.
UShaka: Anisakwazi ukukhonza Mhlangana, ngithi nginibizile nizinwabulukele nje.
UMhlangana: Ndabezitha, ngithe ngidlula lapha kubabekazi wangibiza.
UShaka: Esayokunika izeluleko?
UMhlangana: Shwele Ngonyama.
UShaka: Bafowethu, nani zinduna zami, ububi benu sebubonwe ilanga, nithi anginenzenjani?
UDingane: Si-si-si.
UMhlangana: E-e-e.
UMbopha: Sikhona ngentando yakho ‘Nkom’ ekhal’ eMthonjaneni.’
UJeqe: Elethu Ngonyama.
UShaka: Izwi likaShaka izwi likaMvelinqangi, yilona elithe anginibize ngizovivinya ubudoda benu, yilona elithi ngigodle amagwala okufanele lithi lidliwa zizenze bese ehanjwe zintuthane.
Akukhofu elengame umbuso wami, yinina kuphela; ngaphandle kwenu ukhululekile; njengayo yonke imibuso ekhululekile umelwe ukwandiswa nokubethelelwa. Ukuze wande, kufanele sinqobe onke lamakhosana esakhelene nawo. Ngikhuluma nje akusehli nokudla kuwo, mhlawumbe amanye awo acabanga ukuthi siwayeke ngoba siwesaba. Kuhle lamakhosi siwabeke endaweni yawo, siwakhombise ukuthi alingana nawe Dingane, nawe Mhlangana, nawe Jeqe, nawe Mbopha, hayi noShaka.
Bonke: Ndabezitha!
UShaka: Futhi uma sesiwanqobile sizothola ithuba lokuwanikeza iklwa elilodwa. Akulungile ukuthi sesikhanyisiwe sibukele abantu bakithi nomnyama: bathakathane, bahlebane, bazondane, bangabekelani lunyawo. Kufanele babe phansi kwami, mina ngibe siziko sokudlelana kwabo.
Bonke: Ngonyama!
UShaka: Sizothi singalinqoba lonke izwe iphele imincele exabanisa abantu; phela iyona ebangwayo; namhlanje uwufica lapha, kusasa uwufice laphaya, kanti futhi lamakhosana athi ngobuncane bawo ahluleke ukuqaphela imincele yawo athe ngomgolo wawo ayisika kabanzi.
Bonke: Silo!
UShaka: Ngendalo bonke abantu bagolela kwezabo, lowo nalowo ufuna okukomunye ukuze abemkhulu kunaye. Leli wozawoza lobukhulu lidinga ukugutshazwa, bonke abantu balingane, bakhonze uShaka. Ngizobagoba. Lombuso omkhulu uzokwenza zonke izitha ezingaphandle nezingaphakathi zingakwazi ukusidunga; kungabikho mbuso obangwayo. Nithini?
UMhlangana: Silo, akungikhanyeli ukuthi ukuthula singakuthola kanjani lapho sesemukwe amandla namalungelo esinawo ngemvelo: ukuganwa uma umuntu ezwa ethanda
esenezinkomo. Inhloso yethu sonke njengoba usushilo ukugodla esinako nokuthola okusha esingenako, lombuso esiwuhalelayo thina Zulu sengathi awuvumelani nalokho.
UJeqe: Ake ngimphendule Nkosi?
UShaka: Landa Jeq’ onjengempisi.
UJeqe: Zul’ eliphezulu, lokhu akusho ukuthi la makhosi nabantu bawo azokwemukwa onke amalungelo asale eze, kodwa iNgonyama izothatha lawomalungelo namandla afanele ukuthathwa, ishiye lawo afanele ukusala ukuze angabibikho ophuma ngokungemthetho phansi kwephiko longathethimanga.
UMbopha: Uma isilo sisho njengoba usho nje Jeqe, kudingeka ngani ukuba umuntu aqhutshwe ngemikhonto uma eyiswa entandweni yakhe?
UDingane: Libuze uliphinde lelo Mbopha, ngoba thina sazi ukuthi uthuli lusuka othulini; uma into yenziwa ngoxolo igcina ngalo, kanti impi yenza izinhliziyo zabantu zihlale zingamahlule.
- Type
- Chapter
- Information
- Ukufa kukaShaka , pp. 11 - 22Publisher: Wits University PressPrint publication year: 2021