Isingeniso
Published online by Cambridge University Press: 01 September 2022
Summary
Kubalulekile ukwazi kabanzi ngomlando wombhali ukuze lowo ofunda umbhalo wakhe abe nolwazi olugculisayo ngalokho okungenzeka ukuthi mhlawumbe kwaba nomthelela emibhalweni yakhe. U-Elliot Zondi wazalwa ziyi-9 ku-April ngonyaka we-1930 endaweni yaseNgome eGreytown. Wafunda amabanga aphansi khona eNgome nokuyilapho ashiywa khona ngabazali bakhe esemncane. Umfowabo omdala waba esemfaka ngaphansi kwesandla sakhe wamfundisa eSt Chads, lapho-ke wafunda khona iBanga lesi-8 kanye nelesi-9. Emva kwalokho waqhubeka wafundela ubuthishela khona eSt Chads. UMnyango wezeMfundo eMgungundlovu wabe sewumnika umfundaze wokuyoqhubeka noMatikuletsheni e-Inkamane High School, eFilidi. Emva kokuphothula izifundo zikaMatikuletsheni wabe esengenela iziqu zeBA (Public Relations) eNyuvesi yase Fort Hare. Ngemva kokuziphothula wafundisa eMlazi Senior Secondary School okuyisikole esesibizwa nge-Zwelethu High School namhlanje. Akahlalanga isikhathi esitheni lapho ngoba wesula wabe eseyosebenza embonini yemikhiqizo kwa-Lever Brothers namhlanje esibizwa nge-Unilever. Umsebenzi wakhe kwakuwukuqeqesha abebehamba bekhangisa ngemikhiqizo yakhona. Wabuye wakhushulelwa esikhundleni sokuphatha abaqeqeshi babakhangisi bemikhiqizo yenkampani.
Washadelwa yintokazi yakoMntungwa, uMaKhumalo. Waqhubeka wafunda ngasese izifundo zeDiploma kwezokuphathwa kwabasebenzi e-Unisa. Emva kwalokho wakhushulelwa esikhundleni sokuphatha ehhovisi lalowo mkhakha. Ngokuzithola esebenzisana nabantu bezinhlanga ezahlukene kwezeZilimi zaboMdabu, wagqugquzeleka ukwazi kabanzi ngazo. Wanikwa ikhefu lonyaka ukuze ayofundela iziqu zeBA (Honours) khona e-Unisa. Ekuziphothuleni kwakhe wabe esengenela izifundo eziphezulu zeMasters ezilimini zabomdabu eNyuvesi yaseNatali nokwathi emva kokuzithola wesula kwaLever Brothers eseyoqashwa khona kule Nyuvesi, eMnyangweni wesiZulu ekuqaleni kweminyaka ye-1980. Wasebenza lapho-ke kwaze kwaba uthatha umhlalaphansi. Ngaphambi kokudlula emhlabeni wayephezu komkhankaso wokubhala incwadi esihloko sithi, Isiziba Esinzonzo. Udlule emhlabeni ngonyaka wezi-2005.
U-Elliot Zondi wabhala imidlalo emibili ngaphansi kwezihloko, Ukufa kukaShaka (1960) kanye nethi, Insumansumane (1986). Kule midlalo uveza izikhathi ezimbili ezahlukene emlandweni wesizwe samaZulu. Eyokuqala ikhuluma ngokufa kukaShaka, umakhi wombuso wesizwe samaZulu eminyakeni yokubusa kwakhe (1816−1828). Kweyesibili ubhala ngeMpi Yamakhanda yango1906 nokuyilapho uZulu wahlulwa khona ngamaNgisi. Yomibili le midlalo iveza ukubaluleka kokuxoxisana phakathi kwabaholi nokuyinto esabalulekile ngisho nanamhlanje esizweni esiNsundu. Lapha nokho sizokhuluma ngalo mdlalo wokuqala othi, Ukufa kukaShaka.
Ukuze lesi singeniso sihlwabuse futhi kube lula ukuqonda ngalo mdlalo, kubalulekile ukuba sithi fahla fahla ngawo ngendlela yokunikeza isifinyezo sawo. Ukwenza lokhu sizogxila emsebenzini kaMathonsi (2006).
Lo mdlalo umayelana nokubulawa kwenkosi uShaka, nokuyinkosi eyayinamandla ukudlula wonke amakhosi akwaZulu ayeseke abusa ngaphambilini. UZondi (1960) ongumbhali walo mdlalo uthi nje eyiqala abe ehlala amagqoza ngalokho okuhambisana nesihloko somdlalo wakhe, Ukufa kukaShaka.
- Type
- Chapter
- Information
- Ukufa kukaShaka , pp. vii - xviiiPublisher: Wits University PressPrint publication year: 2021