Isigcawu 1
(Umbiko kaJeqe usufinyelele koDingane, ngakhoke sebeya enkosini.)
UShaka: Bafowethu nani zinduna zami, namhla nje ngiyiphaka okokugcina, sesilahla amathunga ngoba ikusasa akulethu. Uma kuphinda esikaMjojeni, engethemba ukuthi sizophinda, ngeke ngiphinde ngihlasele. Sesiyithintile iNingizimu, iNtshonalanga, neMpumalanga; igama lami, igama likaZulu, lisematheni awo wonke umuntu ngalapho, liyathuthumelisa, kodwa lokho kwesaba kuyilokho okulungile ngoba kungukwesaba ukuziqhenya, umhawu, ukuthakatha, nakho konke okubi okugubaza intokozo lapha ezweni. Ngizothi ngingayiphaka eya eNyakatho ngisale lapha ngife. Ukufa kwami sengiwuhlanganisile umbuso kuyoba intokozo ekade. (babhekane)
Bonke: Bayede!
UShaka: Ngoba nakhu kusesekuseni, ngizofuna nihlomise amaWombe, uFasimba noMguma nqa, ukuze kuthi lapho libomvu kusasa nivuke nayo impi niye kwaSoshangane. Ngizoyinika nina bafowethu lempi, niyoyiphaka ngokubona kwenu; elami yileli: wonke umuntu uyobuya nomkhonto wakhe.
Bonke: Sishaka!
UShaka: Okunye engithanda ukukuphawula ukuthi ningaziphangi zonke izinkomo zikaSoshangane uma ethi zithatheni noma nimemuka zona; nithathe lezo ezanele ukuba nidle endleleni, nikhombise amandla enu nokwehlulwa kwesizwe, kungabi sengathi nixoshwe indlala lapha kwaZulu. Izwe lonke elikaShaka, ekhona noma engekho.
Bonke: Zul’ eliphezulu !
UShaka: Ningethuki uma nibona uJeqe engekho lapha. Nalapho seniphaka impi akazubakhona; ngimthume le kuNongo ukuba ayohlola udaba lokuthakathwa komakhelwane bakhe. Angazi ukuthi uyobuya nini, kodwa hleze asindwe izinyawo. Sengiyozwa ngophondo ekuseni seniphuma. Unyawo oluhle.
UMbopha: Ndaba, ingasachelwanga impi?
UShaka: Hawu, angisho ukuthi kudingekile ngoba uSoshangane ukude kakhulu. Nothi lapho senimkhomba buduze bese niyichela. Kodwa noma ingachelwanga angenqeni lutho ngoba igama likaShaka lingenkulu intelezi, lingesikhulu isihlungu.
UDingane: Kunjalo Ndaba.
UShaka: Uthini wena mfowethu?
UMhlangana: Amanga Nkosi, kodwa ngiyethemba ukuthi ngingawubeka lombandela wokuthi isihlungu siyezwela ezinyokeni ngoba zona azinazinyanga; kubantu futhi igama lenkosi liyezwela, angazi ukuthi izinyanga zabo ziyalazi, ziyalizwa yini ngaphandle kwezakithi izinyanga okuyizona sizincomayo ngokuchela impi, senze ukuba zithi ngokwethaba zigubuzele ezezitha zethu.
UShaka: Izwi lami mfowethu elabaphansi, futhi izinyanya zezwe, ezinye zazo amakhehla, alazi njengoba ezazi wona igama lami.
UMhlangana: Ndaba!
UDingane: Ndaba, bekungakuhle futhi uma amabutho abengezwa izwi leNgonyama lokugcina.
UShaka: Ungumlomo wami Dingane, njengoba wonke umuntu otshela omunye ukuthi akenze izinto ezinhle noma othi akaphile impilo emsulwa usho ngephimbo likaShaka.
Bonke: Sishaka!
UShaka: Niyikhiphe kusasa kusemnyama ukuze ingathelwa izinyembezi zomame, bese niyichelela budebuduze noSoshangane. Unyawo oluhle.
Bonke: Bayede!
Isigcawu 2
(Elawini likaDingane emva kokukhuluma noShaka.)
UDingane: Mfowethu nawe Mbopha, sesifikile manje eqophelweni lokugcina.