6 - Isigcawu sesithupha
Published online by Cambridge University Press: 11 November 2021
Summary
(Kusekuseni, uMzwakhe ulalele umsakazo. Usezwa ezishaqisayo.)
MZWAKHE: (Ezamula.) Sekuphinde kwasa futhi. Ngabe sikhathi sini manje? Nx! Leli washi limile. Ake ngivule umsakazo khona ngizozwa ukuthi sithini isikhathi manje. (Avule umsakazo. Kudlale ibika lezindaba.)
MSAKAZI: Isikhathi manje siqopha ukuthi yihora lesithupha ekuseni. Lalelani izindaba zokuqala zosuku. Kubikwa ukuthi ibhungu elinguThemba Cele ebelihlala kwanombolo 1652 kwa-J elokishini laseSikhawini lidutshulwe lafa ujuqu ebusuku bayizolo phakathi kwamabili. Imbangela yokubulawa kwakhe ibingakaziwa. Abendlondlo ebomvu sebeqalile ngophenyo lwabo mayelana nalo mshophi. EZimbabwe khona kubikwa ukuthi …
MZWAKHE: (Avale umsakazo. Ekhuluma yedwa.) Ngokuphazima kweso uLumumba usemhlanganise noyisemkhulu uThemba.
(Esedliwa ngunembeza.) Naye kodwa ngokungalaleli! Ngabe usadla anhlamvana ukuba ubengalokhu elandelana nentombi yami. Mhlawumbe ngabe ayikho yonke le nto ukuba angicabanganga ukuba simenze isilima. (Eziqinisa.) Azilime ziye etsheni, okwenzekile kufana nokudaliwe.
(Azitshinge phezu kombhede, avale ubuso ngezandla elokhu equme njalo.)
- Type
- Chapter
- Information
- Iqonde Kuphi le Ndlela? , pp. 73 - 74Publisher: University of South AfricaPrint publication year: 2012