10 - Isigcawu seshumi
Published online by Cambridge University Press: 11 November 2021
Summary
(Kuselokishini eSikhawini, uSpider uxoxa nabanye. Sebebonile ukuthi impilo yakhe isishintshile.)
MARTHA: Spider mfanomdala, izinto zikuhambela kahle impela kulezi zinsuku.
SPIDER: Awuzwe usisi edlala ngami madoda! Ukususela kuphi lokho okushoyo?
MARTHA: Ngibuka phela indlela osushaya ngayo ukotini muva nje. Manje usugqoka ngendlela ehluke kakhulu kunale obugqoka ngayo kuqala.
ZORO: Usho le nto nami engiyibonayo wena Martha. USpider manje usegqoka amadesigner clothes –oHugo Boss, Giorgio Armani, Paul Smith noPaul & Shark babuzwa kuyena.
MARTHA: Akasayingeni eyokuba nguhembe linye. Ngiyakutshela wena!
ZORO: Usenenqwaba yamabhulukwe nezicathulo. Iteki useligqoka nje mhla ethandile, hhayi indaba yokubelesela iteki kusukela ngoMsombuluko
kuze kuyoba ngomunye uMsombuluko. (Bahleke bobathathu.)
MARTHA: Ngabe wagqekeza kuphi? Kudela owaziyo!
ZORO: Ngiyethemba ukuthi nezikweletu zotshwala ezingakhokhwa sekwaba yinto angasayazi leyo manje.
MARTHA: Lutho, ngabe nje ngiyamqambela umntanabantu.USpider useyikhasimende lami elihle kabi manje. Usehlale ethenga ngokheshi njalo nje. Kanti-ke uma kwenzekile wakweleta, isikweletu sami usikhokha njengokwethembisa kwakhe. Amanga akasenawo neze manje.
ZORO: Spider, uyoze usho ukuthi imali engaka uyithathaphi. Buka nje, ushaya ngezinhlobo ezahlukene zomakhalekhukhwini abaphambili. Abantu ubabamba emoyeni ngeBlackBerry mfana.
SPIDER: Martha, ngicela ungiphe ivosi ngale mali. Ngifuna ukudla bese ngiyazihambela ngiyolala. Ngiyabona ukuthi nina nihlangene ngami.
MARTHA: Uzoke ulinde imizuzu embalwa ngisakwenzela. Ipapa lona?
SPIDER: Lilungile, ungangenzela nalo.
(Bamenzele ukudla kwakhe esitsheni angahamba naso. Bamnikeze bese evalelisa. UMartha noZoro baqhubeke bodwa ngengxoxo yokuthuthuka kwempilo kaSpider.)
ZORO: Kunjengoba sisho nje wena Martha. Ikhona ngempela indlela uSpider athola ngayo imali. Ngineqiniso lokuthi lapho ayithola khona kuyakhalwa.
MARTHA: Phela uSpider ujwayelene nalesi sigelekeqe esinguKK.
ZORO: Uqedile-ke uma usho njalo. Yonke le mali asenayo manje uSpider uyithola ngaye uKK.
MARTHA: Impela kunjalo. Kodwa-ke iqiniso elimsulwa ukuthi kwesinye isikhathi indlela eya ekunotheni iyingcuphe. Uyabona njengoba ngithengisa utshwala ngingenayo imvume ngisengcupheni yokuboshelwa ukuthengisa utshwala ngingenawo amaphepha angigunyaza ukuba ngingabuthengisa.
ZORO: Uqinisile.
MARTHA: Thina sihlulwa yini ukuguqula izimpilo zethu sinothe njengoba kwenza uSpider noKK?
ZORO: Ayikho into engasehlula.
(UZoro aqedele ukuphuza ingilazi yakhe bese evalelisa.)
- Type
- Chapter
- Information
- Iqonde Kuphi le Ndlela? , pp. 115 - 118Publisher: University of South AfricaPrint publication year: 2012