3 - Isigcawu sesithathu
Published online by Cambridge University Press: 11 November 2021
Summary
(UMzwakhe uvakashele uZama kwagogo wakhe.)
GOGO: Kwenzenjani Zama? Umsakazo wakhalela phezulu kangaka, awuzwa ezindlebeni? Awuzwa nje ukuthi kukhona umuntu ongqongqozayo? (Akhulume nongqongqozayo.) Ngena, akukhiyiwe.
MZWAKHE: Sanibonani endlini.
GOGO: (Ejabulile.) Yebo mfana wami. Usikhumbulile namhlanje fana. (Ebhekise kuZama.) Zama, ake uyeke ukulokhu unwabuluka. Thatha nali ibhodlela likadilinki uyofuna okuphuzwayo esitolo.
ZAMA: (Ehleka.) Yebo gogo.
GOGO: Konje fana wathi ungowakwabani isibongo? Uzalwa ngubani?
MZWAKHE: Hawu gogo! UZama akazange nje akwazise ngami?
GOGO: Cha mntanami. Ukuguga sekwathatha indawo yakho lapha kithina. Ngakhohlwa nawukubuza wena qobo lwakho mhla ulethe uZama lapha.
MZWAKHE: NgingowakwaMbatha gogo. Ubaba udume ngelikaKhiphimpi.
GOGO: Kanti uyingane kaKhiphimpi wena? Abazali bakho ngibazi kahle, ngisho nonyoko ongasekho emhlabeni naye ngiyamazi. Sasisonta nabo kuleliya sonto elakhiwe ngezitini ezibomvu ngaselenke yamatekisi. Uyalibona leli sonto engikhuluma ngalo?
MZWAKHE: Lelo sonto elingaserenki ngelaseWeseli.
GOGO: Lona kanye mntanami. Engakabi njena uyihlo wayemazi kakhulu uMdali. Kwabe kazifikile izimbiza zikaFaro, impela umuntu owadala utshwala ngimnyanya kabi! (Ezwe izigi zomuntu ekhishini.) Usubuyile Zama?
ZAMA: Yebo, sengibuyile gogo. Nasi nesiphuzo obukade ungithume sona.
GOGO: Awuboni-ke mntanomntanami. (Eqondise kubo bobabili.) Thelani niphuze bantabami. Nisize ningazihluphi ngami. Thina sesaba yizinkubela zikashukela.
MZWAKHE: Siyabonga gogo. Nami ngidlule esitolo ngathi ukucoshacosha izintwana engicabanga ukuthi ningazidinga lapha ekhaya. (Esho ebakhombisa upulasitiki ophethe akuthengile.)
GOGO: Awuboni-ke mfana wami. Impela uZama uma engase ahlukane nawe angazi ukuthi uyobuye amthole kuphi umkhwenyana onjengawe. Ake nginishiye bantabami, nisale nizixoxela ezenu zobusha. Thina bongubo ziya eweni sisaya esigcakini.
(Aphume ugogo. Basale bethamunda ezabo.)
- Type
- Chapter
- Information
- Iqonde Kuphi le Ndlela? , pp. 63 - 66Publisher: University of South AfricaPrint publication year: 2012