3 - Isigcawu sesithathu
Published online by Cambridge University Press: 11 November 2021
Summary
(USpider ukwaMartha ejoyintini, baxoxa ngendaba kaKK.)
MARTHA: Usufikile Spider mfanomdala.
SPIDER: Yebo, ngifike kwagcwaliseka ukuthi kukhona inkalakatha manje. Ubufunelani ukungibona?
MARTHA: (Ehleka.) OSpider madoda sebezibiza ngezinkalakatha! Izinto zibahambela kahle, hhayi indaba yokudlala. (Esehlala odabeni.) Mina nawe ngifuna sixoxe indaba yemali.
SPIDER: Imali eyenzenjani? Mina ngazi ukuthi angikukweleti ngisho isenti elimnyama leli.
MARTHA: Uyihlabe esikhonkosini. Awungikweleti lutho wena, kodwa kungenzeka ukuba ibhosi yakho uKK nguyena ongikweleta izindodla zezimali.
SPIDER: (Emangele.) Ungidida umqondo manje. Mina ngokwazi kwami uKK akakweleti muntu, kodwa nguyena okweletwa ngabantu.
MARTHA: Sengazi konke ngalo mkhonyovu wenu noKK. Nina senizakhele ibhangengodla lenu. Niqophisana noGill Marcus. Umehluko nje ukuthi nina nizigayela eyenu imali engekho emthethweni.
SPIDER: (Ethukile.) Hhe?
MARTHA: Yehlisa umoya, ungethuki. Uma ubona ukuthi ngiqamba amanga, bheka nazi izithombe ezixoxa indaba. (Amnikeze izithombe.)
SPIDER: Uzithwebule kanjani lezi zithombe, futhi nini?
MARTHA: Ngikupha zona lezo. Ungazikhombisa ibhosi yakho. Uma nicabanga ukuthi ukuzidabula kuzoxazulula inkinga niyobe nishaye phansi kwashunqa uthuli. Ngigcine amafilimu azo ezindaweni ezahlukene.
SPIDER: Awusho-ke, uzithwebule kanjani ngoba wena awukaze ubeke umconjwana wakho kwabra KK?
MARTHA: Uyambona uNomadayimane lona oqashwe cishe ezinyangeni eziyisithupha ezedlule ukuze asize ngomsebenzi wasendlini kwaKK?
SPIDER: Hho! Ngiyasibona leso sinothongwane sasemaphandleni. Yinto engingayinaki nokuyinaka leyo. Ngingenzani mina ngofarm Juliya?
MARTHA: (Ehleka kakhulu ngokubhuqa.) Yisona kanye-ke leso sinothongwane osibiza ngofarm Juliya esingisize ngokungithwebulela lezi zithombe. Yimina engamthumela ukuba ayofuna umsebenzi kwaKK emva kokuba ngizwe ngawe ukuthi uKK udinga umsizi omusha ngoba intombazane ebisebenza khona ingasaphathekile kahle emzimbeni.
SPIDER: Lo mgodoyi, siyawufuya, siwupha ukudla kanye nendawo yokulala, kanti ekugcineni uzophinde ulume thina.
MARTHA: Wena Spider nalo KK wakho nicabanga ukuthi nihlakaniphe niqedile, abanye abantu bayiziwula nje. Ake ungilalele ukuthi ngithini. Uyabona-ke, uNomadayimane anisophinde nimbone nangokhalo. Sengimholele, ngamtshela ukuthi akashaye utshani, aduke nezwe uma esathanda ukubalwa nabaphilayo.
SPIDER: Ukwenzeleni lokho?
MARTHA: Wabuza ibhasi ibhaliwe? Ngazi kahle ukuthi uKK uzomakhela itulo lokuba ayiswe kwagoqanyawo.
SPIDER: Manje-ke ufuna ukuba ngikwenzeleni mina?
MARTHA: Alukho olutheni ongangenzela lona wena. Ozongenzela kona kulula kabi. Uma ufika emsebenzini wakho kusasa kuzofanele utshele uKK ukuthi eze lapha ukuzongibona ngezikhathi zasemini. (Esebhuqa.) Umtshele uzakwethu kwezebhizinisi ukuthi angakhathazeki ngokudla, ngizomhlinzeka ngokuconsisa amathe.
(Bahlukane sebeqedile ukuxoxa.)
- Type
- Chapter
- Information
- Iqonde Kuphi le Ndlela? , pp. 129 - 132Publisher: University of South AfricaPrint publication year: 2012