8 - Isigcawu sesishiyagalombili
Published online by Cambridge University Press: 11 November 2021
Summary
(UKK usemzini wakhe, ushayela uMaziya ucingo mayelana newashi likaMzwakhe elatholakala lapho okwashiswa khona izimoto.)
KK: (Ekhuluma ocingweni.) Kunjani Maziya?
MAZIYA: Hawu KK! Kudala ngakugcina. Kuyaphileka, kunjani kuwe?
KK: Ngikufonela mayelana naleli washi likaMzwakhe elatholwa amaphoyisa. Angibazi ubulima obunje!
MAZIYA: Akusasizi ukuthetha. Osekufuneka manje ukuthola icebo lokuthi bugqibeke bonke ubufakazi bokuthi nguyena owashisa izimoto.
KK: UMzwakhe ungitshele ukuthi uZondi ufikile kubo ezomfuna. Uthe uma ebuya akabokuza kuyena eshantshi laseRichards Bay.
MAZIYA: Lalivele lishilo leli phoyisa laseSwazini ukuthi amaphoyisa akhona azoxhumana nawaseNingizimu Afrika kungekudala. Kusho khona ukuthi sebexhumene.
KK: OMzwakhe laba abazi ukuthi kukhona umthetho osebenzayo phakathi kwamazwe ukuthi uma kukhona umuntu owenze ubugebengu kwelinye izwe lelo lizwe lingakwazi ukufaka isicelo kuhulumeni wezwe lapho umsolwa eyisakhamuzi sakhona ukuba aboshwe bese ethunyelwa khona ukuze aziphendulele emacaleni asolwa ukuthi uwenzile.
MAZIYA: Uqinisile, ngamuzwa lo mfana ukuthi akazwisisi ukuthi angaboshwa kanjani ngamaphoyisa aseSwazini yena ebe engesona isakhamuzi sakhona. Yena uthatha ngokuthi ngeke aphinde aye eSwazini. Yilapho ngabona ukuthi kumnyama ebusweni benkawu. Akazi ukuthi kukhona le extradition agreement okhuluma ngayo phakathi kwamazwe athize.
KK: Usakhula umfana. Kodwa luzoqina ukhakhayi ngoba uphila nathi. Kumele azi ukuthi kufanele acophelele noma yikuphi lapho enyathela khona. Uma kungenjalo uyodlala amaphoyisa awo wonke amazwe lawa.
MAZIYA: Ayidlali phela i-Interpol! Awusakhumbuli yini ukuthi iyona eyagcina ibophe uBaloyi waseLimpopo owayefunwa ngamehlo abomvu ngamaphoyisa alapha eNingizimu Afrika? I-Interpol yamthola e-Italy lapho ayesebalekele khona.
KK: Angithi usho lo owayesebenzisa abantu besifazane ukumshushumbisela izidakamizwa bezisa eBrazil?
MAZIYA: Yena kanye.
(Bavalelisane. Eqeda nje ukuluvala uKK kungene olunye ucingo. )
PHIRI: (Ekhuluma ocingweni.) Kunjani KK mfowethu?
KK: Kulungile, kuhamba kanjani lapho kuwena?
PHIRI: Zonke izinto zihamba kahle. Yiso nje isimo sezimali esingesihle kahle. Ngikuthinta ngoba ngicela ukwazi ukuthi ngizohola nini.
KK: Musa ukungijaha ngokuhola. Bengingakawathengisi amadayimane.
PHIRI: Isivumelwano esasenza asisho ukuthi uzonginikeza imali yami uma usuwathengisile. Savumelana ngokuthi imali ngizoyithola uma sengimnikile uMzwakhe amadayimane. Sekwenzekile-ke konke lokho, sekufanele ngihole.
KK: Uyabona Bhazuka, uma uzobe ulokhu ungibelesela ngale ndlela ongibelesela ngayo uzosuke ungabe usayithola le mali oyifunayo.
PHIRI: Uyangeyisa phela uma usho njalo. Udelela ngoba sewakuthola okufunayo. Ucabanga ukuthi uhlakan…
KK: (Emngena emlonyeni.) Lalela la wena silima. Ngeke usayithola leyo mali. Ungahamba uyomangala uma uthanda.
PHIRI: Kulungile KK. Mina ngithi ngizama ukukhuluma kahle nawe njengendoda, wena usungenzela ukuhlakanipha. Siyobohla Manyosi. Sizobona-ke ukuthi kuzogcina …
(Esecasukile, avele aluvale ucingo uKK. UPhiri asale ekhungathekile.)
- Type
- Chapter
- Information
- Iqonde Kuphi le Ndlela? , pp. 149 - 152Publisher: University of South AfricaPrint publication year: 2012