Skip to main content Accessibility help
×
Hostname: page-component-77c89778f8-7drxs Total loading time: 0 Render date: 2024-07-19T13:14:37.414Z Has data issue: false hasContentIssue false

4 - Isigcawu sesine

Published online by Cambridge University Press:  11 November 2021

Get access

Summary

(UMaziya ukhuluma noKK ngocingo.)

MAZIYA: (Ekhuluma kumakhalekhukhwini.) Kunjani KK?

KK: Ngisaphila gazi lami.

MAZIYA: Lalela-ke mpintshi yami, isidle ugwayi.

KK: Ukhuluma ngani?

MAZIYA: Kade kufike amaHawks ezongifaka imibuzo. Babuze ukuthi …

KK: (Emngena emlonyeni.) Odoti laba, bafunani? Ngabe ubani obazise ukuthi siyazana?

MAZIYA: Ngisola sengathi kukhona elinye lamaduku engisebenza nawo elibatshele ukuthi nginokubonakala ngikhuluma nawe isikhashana eside kunabo bonke abantu abadlula emngceleni. Ngibonile ukuthi ngeke kusasiza uma ngibatshela ukuthi angimazi sanhlobo umuntu onjengawe.

KK: Usizile ngokuba ungangiphiki. Lokho bekuzokwenza ukuba babone ukuthi kukhona okufihlayo. Njengamanje, ayikho into abangayenza ngaphandle kobufakazi. Utheni-ke uma uphendula imibuzo yabo?

MAZIYA: Ungaphatheki kabi, bangibuze imibuzo ewumbhedo nje. Babuze ukuthi ngakugcina nini, nokuthi uvame ukudlula ngaziphi izikhathi emngceleni.

KK: Ubaphendule kahle.

MAZIYA: Kuzodingeka ukuba sihlale sivule amehlo. Kukhona okunuka santungwana.

KK: Khululeka lapho. Nginguchakide mina, uphunyukabemphethe.

MAZIYA: (Ebona amaphoyisa omgwaqo.) Angivalelise sayitsheni. Nawa amaphoyisa omgwaqo angaze anginike ithikithi.

KK: Shandis. (Abeke phansi ucingo bese ekhuluma yedwa.) Uma isimo sesinjena kuzodingeka ukuba kengithi ukushaywa umoya okwesikhashana. (Uyancinciza.) Hho! Ake ngivakashele ithekeni lami laseMamelodi. Kudala ngamgcina uPuseletso. (Ashayele uPuseletso ucingo.) Guess who is coming home tomorrow?

PUSELETSO: (Ephendula ucingo.) Ke bua le mang?

KK: Awusalizwa izwi lami? Ukhuluma noKK.

PUSELETSO: Hawu! Sakhunjulwa abantu baKwaZulu-Natali, sigezephi?

KK: Ngihlale ngikukhumbula ngaso sonke isikhathi. Inkinga nje ukuthi ngimatasatasa ngomsebenzi ongapheli.

(UKK athembise ukuthi uzomvakashela maduzane nje. Bavalelisane, bavale izingcingo.)

Type
Chapter
Information
Publisher: University of South Africa
Print publication year: 2012

Access options

Get access to the full version of this content by using one of the access options below. (Log in options will check for institutional or personal access. Content may require purchase if you do not have access.)

Save book to Kindle

To save this book to your Kindle, first ensure coreplatform@cambridge.org is added to your Approved Personal Document E-mail List under your Personal Document Settings on the Manage Your Content and Devices page of your Amazon account. Then enter the ‘name’ part of your Kindle email address below. Find out more about saving to your Kindle.

Note you can select to save to either the @free.kindle.com or @kindle.com variations. ‘@free.kindle.com’ emails are free but can only be saved to your device when it is connected to wi-fi. ‘@kindle.com’ emails can be delivered even when you are not connected to wi-fi, but note that service fees apply.

Find out more about the Kindle Personal Document Service.

Available formats
×

Save book to Dropbox

To save content items to your account, please confirm that you agree to abide by our usage policies. If this is the first time you use this feature, you will be asked to authorise Cambridge Core to connect with your account. Find out more about saving content to Dropbox.

Available formats
×

Save book to Google Drive

To save content items to your account, please confirm that you agree to abide by our usage policies. If this is the first time you use this feature, you will be asked to authorise Cambridge Core to connect with your account. Find out more about saving content to Google Drive.

Available formats
×