7 - Isigcawu sesikhombisa
Published online by Cambridge University Press: 11 November 2021
Summary
(UMartha ushayela uKK ucingo.)
KK: (Ephendula ucingo.) UKK okhulumayo, ngingakusiza?
MARTHA: Ngicabanga ukuthi yimina ongakwazi ukusiza wena ukuze ungagugeli ejele.
KK: (Enxapha kakhulu.) Nx! Naso-ke leso sicefe. Waze wayiphela endlebeni umuntu wesimame! Ungenelwe yini nje ngempela? Yini ongangisiza ngayo wena?
MARTHA: Engifuna ukukwazisa kona ukuthi usuphelelwe yisikhathi. Angitholi SMS ebika ukuthi imali usuyifakile ebhange. Akusekho ukwenza ngokunye, ngizoya emaphoyiseni khona namhlanje. Usuyowachazela ukuthi uwuthathaphi umshini wokwenza imali.
KK: (Ebhuqa.) Kusho ukuthi izinto zenzeka ngokushesha, zishesha kakhulu ziyawedlula lo mqonjwana wakho.
MARTHA: Angisezwa. Usho ukuthini?
KK: Kufanele ungezwa ngoba le ngqonjwana yakho ithatha kancane. Ngithi kuwe kade ngiqedile ngamaphoyisana akho. Sifikile lesi siduphunga esinguSayitsheni Zondi sihamba nezicashalala ezimbili.
MARTHA: Unamanga. Ufuna ukuba ngicabange ukuthi alukho engingalwenza manje ngoba vele amaphoyisa aseke akuphenya ngalobu bugebengu bakho. Uqambe ushilo! Ngizoya khona manje.
KK: Ungaphindela ngoba vele usubuya khona. Bazithathephi izithombe ezifana nse nalezi owangikhombisa zona? Le mali oyifunayo uzoyithola mhla lawa lacoshwa zinkukhu. (Avale ucingo.)
MARTHA: (Esekhuluma yedwa.) Kuqinisile okunguKK. OZondi laba yiziduphunga zangempela. Baqine ubala nje. Khona ngiyazi ukuthi izithombe zizodwa nje azibona ubufakazi obuphelele nobungasetshenziswa enkantolo. Bengibathumelele lezi zithombe ngithemba ukuthi ukuphenya kwabo kuzomcacisela ukuthi usengcupheni yokuboshwa ukuze enze lokho engikufuna kuyena. Okusho ukuthi abasengi ezimithiyo abamaziyo uma bethi uKK uphunyukabemphethe. Pho ngizokwenzenjani uma sekunje? Kubukeka sengathi selingishonele. Usengaba yingozi enkulu-ke manje.
(UMartha angene ekamelweni lakhe, acambalale.)
- Type
- Chapter
- Information
- Iqonde Kuphi le Ndlela? , pp. 147 - 148Publisher: University of South AfricaPrint publication year: 2012