16 - Isigcawu seshumi nesithupha
Published online by Cambridge University Press: 11 November 2021
Summary
(Kubo kaMzwakhe, uMzwakhe ukhathazekile ngoZama. Kuqhamuka udadewabo bese bexoxa ngoZama.)
MZWAKHE: (Avale ucingo. Acabange aze aphimisele.) Ngabe kwenzenjani ngobra KK? Selokhu eseGoli akaluphenduli ucingo. Akujwayelekile ukuba athule isikhathi eside kangaka. Sengizame zontathu izinombolo zomakhalekhukhwini bakhe, kodwa kunhlanga zimuka nomoya. Igazi lami lingibikela okunye manje. Izinto azihambi kahle uma sekunjena. Hhayi, angingacabangi ezimbi. Abanye abantu bathi uma ucabanga okubi kuvele kwenzeke ngempela. Ubra KK ngimdinga ngaphezu kokuba bengimdinga empilweni yami. Nguye kuphela umuntu ongangeluleka ngale nkinga enginayo mayelana noZama. Ukuba ubaba wami ungumuntu ophilayo ngabe ngibuza yena ukuthi kwenziwanjani uma sekunjena.
Manje-ke into ayaziyo ukucwila kuzona izinyembezi zikakhwini. Ngingathi ngiyambuza avele angikhahlameze. Lungisa izindaba zakho Mzwakhe. Funda ukuzimela ngoba noKK akasabonwa. Kusasa ekuseni ngizoya kuZama ukuze ngizizwele ngezami ukuthi kuqhubekani. Kuzoqhuma nhlamvana ezinye ziyofekela!
(Kufike uThandi ame emva kwakhe. Uyazibonela ukuthi lukhulu alucabangayo uMzwakhe.)
THANDI: (Emangele.) Kwenzenjani? Kade ngimile lapha emva kwakho ungangiboni, ulokhu ugqolozele umabonakude. Kuyabonakala ukuthi udla amathambo engqondo. Kwenzenjani ngempela?
MZWAKHE: Ngithi ngoZama kuzofa umuntu. Ungizwa kahle?
THANDI: Bengithi siyikhulumile le ndaba bhuti. Ziningi kabi izintombi ezinhle nezedlula usisi uZama. Usungamane ubuyelane noNomonde.
MZWAKHE: (Ecasuka.) Anginandaba nazo zonke izintombi okhuluma ngazo. Mina noZama siyofa silahlane.
THANDI: Uzokwenzani uma usuthola ukuthi usethandana nomunye umuntu?
MZWAKHE: Kusasa ngiya khona eThekwini. Uma kunjengoba ucabanga, kusho ukuthi kukhona umuzi ozokhihla esikaNandi. Inzila yona bazoyigqoka kulowo muzi. (Ephahluka.) Akudlalelwa lapha kimi. Nakanjani, kukhona ozolandela uThemba Ce…
THANDI: (Ebabaza.) Ngiyazisa webakithi! Nguwena owabulala uThemba? Impela umuntu ngeke uze umthembe. Kungcono ukuthemba itshe.
MZWAKHE: (Emjikela, ekhuluma ngesankahlu.) Ungalinge nje uze uyithi vu komunye umuntu leyo. Uma uke watshela omunye umuntu uzobe usubuqedile ubuhlobo phakathi kwethu. Siyazwana?
THANDI: (Ethukile.) Ye… ye… bhuti.
(Aphume agaklaze umnyango uMzwakhe. UThandi asale edliwa yimicabango.)
Useyingozi ngempela uMzwakhe manje. Bengingazi ukuthi kanti ungumbulali. Emva kokuba ephahluke ngokubulawa kukaThemba ngibone amehlo akhe elokoza umlilo kuhle kwawebhubesi. Wagqungqa wamnyama kuhle kwezulu lihlomile. Kwamina angiphephile manje. Ukuze ngisinde emlonyeni wale ngwenya enguMzwakhe kuzomele ngilubikele amaphoyisa lolu daba. Konje uSayitsheni Zondi wayenginikile ikhadi elinemininingwane yakhe ngenkathi ezofuna uMzwakhe lapha ekhaya. (Akhwashazise ebheka ikhadi. Alithole.) Angingabe ngisachitha sikhathi, angixhumane naye kusashisa nje.
(UThandi usephuthume esiteshini samaphoyisa ukuyokhuluma noSayitsheni Zondi ombize ukuba eze kuyena ukuze baxoxe umlomo nomlomo.)
ZONDI: Usebenzile ntombazane ngokuba uzongibikela ngale ndaba. Bayidlanzana abantu abafana nawe. Abaningi bebengeke babike izenzo ezimbi ezenziwa yizihlobo zabo. Ukuba bonke abantu benza njengawe ubugebengu bebuzonqobeka kalula.
- Type
- Chapter
- Information
- Iqonde Kuphi le Ndlela? , pp. 181 - 184Publisher: University of South AfricaPrint publication year: 2012