12 - Isigcawu seshumi nambili
Published online by Cambridge University Press: 11 November 2021
Summary
(UZama usephindele esikoleni. Uthando lwakhe ngoMzwakhe seluntekenteke, kanti noMzwakhe useyakubona lokhu. UZama ukhuluma noRomeo.)
ROMEO: Bengimane ngisho nje ukuthi ngifuna ukukubona mayelana nomsebenzi wesikole. Eqinisweni, ngifuna ukuba sixoxe ngale ndaba esike sayixoxa ngonyaka owedlule.
ZAMA: Sir, konje iyiphi leyo ndaba okhuluma ngayo?
ROMEO: Khululeka, ungangibizi ngokuthi Sir. Ungangibiza ngegama lami, uthi nje Romeo. Uma uthi Sir ngizizwa sengathi ngiyikhehla njengophrofesa abagcwele kule department.
ZAMA: Sengathi kuzoba nzima ukukubiza ngegama Sir. Thina abanye abamnyama sikuthola kuyinto enzima kabi ukubiza umfundisi ngegama lakhe. Lokho ngiyaye ngikubone kwenziwa ngabafundi balezi ezinye izinhlanga.
ROMEO: Ngiyakwazi lokho. Nami nganginenkinga mhla ngiqala ukuyofunda enyuvesi enezinhlanga ezahlukene. Ngokuhamba kwesikhathi ngajwayela ukubiza abafundisi ngamagama abo.
ZAMA: Mina-ke Sir usikompilo lwami aluvumi nakancane ukuba ngibize umuntu osesikhundleni esiphezulu noma omdala kunami ngegama lakhe. Ake ucabange nje uma ngingathi ngikhuluma neSilo samaZulu ngivele ngisigagule ngegama laso. Ngabe ngikhombise okukhulu ukungahloniphi ngokwenza njalo.
ROMEO: Izikhathi ziyashintsha mntwana. Kumele ufunde ukuhambisana nesimo sempilo ephilwa manje.
ZAMA: Angicabangi ukuthi kumele ngihambisane nesimanjemanje esingenza ukuba ngilahle lokho okungenza ukuba ngizazi ukuthi ngingubani ukuze ngamukeleke kwabanye abantu abaphila ngendlela eyahlukile kweyami.
ROMEO: Ngiyakuzwa, uyazikhulumela bo! Ngiyabona ukuthi ukufunda ngeke nje kuze kukuguqule ube ngomunye umuntu. Nalokho ukuzazi kwakho kanye nokuhlonipha usikompilo lwakho kungihlaba umxhwele. Kodwa-ke uma sesithandana kuzomele ungibize ngokuthi Romeo, mina bese ngithi Juliet uma ngibiza wena.
ZAMA: (Ahleke sakubhuqa.) Mina bengingakasho ukuthi ngizoba nguJuliet wakho Sir.
ROMEO: Ngithemba ukuthi ngokuhamba kwesikhathi uzothambisa inhliziyo yakho. Mina ngeke ngikuchithele isikhathi. Uma ungavuma ukuthandana nami ngeke ngisapholisa maseko, ngizovele ngithumele abakhongi.
ZAMA: Njengoba wazi nawe, mina nginobaba womntwana. Angathini nje uma esezwa ukuthi ngiyamlahla ngoba sengithole omunye umuntu omusha? Sisuka kude kabi naye. Ngeke nje kuze kube lula ukufaka omunye umuntu wesithathu.
ROMEO: Ngiyakuzwa Zama. Ngicela ukukufaka imibuzo ethize. Uma ungangiphendula ngezimpendulo ezinelisayo ngizovele ngizame ukukhohlwa nguwena noma kuzoba yinto enzima ukuyenza.
ZAMA: Ngingajabula kabi Sir uma ungazama ukukhohlwa yimina. Ungangibuza lokho ofuna ukukubuza.
ROMEO: Lo Mzwakhe wakho uthembekile kuwena? Akakaze nje akubhangqe nomunye umuntu wesifazane? Phela uma engenza njalo uyobe ubeka impilo yakho engcupheni. Ungazithola usuphila negciwane lesandulelangculazi. Uke wathi ukwenzela yonke into oyifunayo. Ngokwazi kwami iningi lethu thina bantu abasebenzayo linokuvaleka kungabi khona ngisho isenti elimnyama leli. Yena wenza ngani ukuba ahlale enemali?
ZAMA: (Engingiza.) E… e… ukuthi … e… yena. Angiyeke, ngeke ngikwazi ukukuphendula njengamanje.
ROMEO: Ngoba wehlulekile ukungiphendula, kusho ukuthi uRomeo usazoqhubeka ancenge inhliziyo kaJuliet ukuze ayinikeze ukuthokomala lokho okuyifanele.
- Type
- Chapter
- Information
- Iqonde Kuphi le Ndlela? , pp. 165 - 168Publisher: University of South AfricaPrint publication year: 2012