5 - Isigcawu sesihlanu
Published online by Cambridge University Press: 11 November 2021
Summary
(Endaweni yokuphuza amanzi amponjwana, uMzwakhe ukhuluma noLumumba ngodaba lokubulala uThemba.)
MZWAKHE: Ngiyathemba ukuthi usayikhumbula intuthu yaseSwazini my bra.
LUMUMBA: (Ethela engilazini.) Ngiyikhumbula kahle Mzwakhe. Ngeke ngize ngikhohlwe indlela owangisiza ngayo.
MZWAKHE: Kuhle uma usakhumbula. Phela wena ngabe usejele sikhuluma nje.
LUMUMBA: Ngabe ngidla ukudla kwakhona okungasile. Yini eseyenza ukuba ungikhumbuze ngalelo cala manje?
MZWAKHE: Ukuthi kunento engicela ukuba ungisize ngayo.
LUMUMBA: Khuluma, ngilalele.
MZWAKHE: Kukhona umfana esifunda naye, igama lakhe uThemba Cele.
\YILONA engihlale nginitshela ukuthi asizwani naye, siyinja nekati. Angithi uyambona?
LUMUMBA: Akupheli isikhathi esitheni ungashongo lutho ngaye. Usaqhubeka yini ngokuba abe yinkinga? Angithi usho lo ozalwa yinyanga?
MZWAKHE: Wazi yena kanye. Lo mfana ulokhu enakashelana nentombi yami. Ngiyasola futhi ukuthi ufuna ukungishaya ngenkwayindane.
LUMUMBA: Uyawubona-ke umphumela wokutshela intombi yakho ukuba yenze sengathi imqomile kanti nidlala ngaye?
MZWAKHE: Bengingazi ukuthi uzoqhubeka abelesele noma sengimazisile ukuthi sasimenza isilima. Kwala ngisho sengimtshela ukuthi uZama usekhulelwe ingane yami. Esikhundleni salokho ufuna ukungishaya.
LUMUMBA: Uzokwenzenjani ukuxazulula le nkinga?
MZWAKHE: Kungakuhle ukuba abulawe. Ngihlale ngisho ukuthi umuntu ozama ukungiphazamisa kuZama ngingambulala nokumbulala.
LUMUMBA: Uzombulala kanjani ngoba kuyinto eyaziwayo ukuthi anizwani naye ngenxa kaZama?
MZWAKHE: Yilapho-ke okungena khona wena. Kungakuhle kube nguwena owenza lo msebenzi wokumgudluza.
LUMUMBA: Izigebengu ziyasizana mfowethu. Ngizowenza lo msebenzi. Ngizomshaya kuthule umoya lo mfana.
(Bavalelisane, bahlukane.)
- Type
- Chapter
- Information
- Iqonde Kuphi le Ndlela? , pp. 71 - 72Publisher: University of South AfricaPrint publication year: 2012